Inqubo Yokuqinisekisa

Updated by Amanda Bixler

Asisakwazi' ukulinda ukusiza ibandla lakho lisebenzise amandla e-YouVersion—uhlelo lokusebenza olufakwe kumadivayisi angaphezu kwesigamu sezigidigidi emhlabeni jikelele.

Kepha ungase ube nemibuzo embalwa mayelana Nenqubo Yokuqinisekisa

Kungani siqinisekisa amabandla?

Ngenxa yokuthi amabandla afana nelakho manje aseyatholakala kuhlelo lokusebenza lwe-YouVersion (yebo!), ukuqinisekiswa kuyindlela elula yokuqiniseka ukuthi zonke izinhlangano zikhona ngaphakathi kwemihlahlandlela yethu & awekho' amanye amabandla aphindekile. Sikufuna ngempela ukuthi lokhu kube isipiliyoni esingcono kakhulu kinina balandeli bebandla.

Kuzothatha isikhathi esingakanani ukuqinisekisa?

Sizibophezele ekuqinisekiseni ibandla lakho phakathi namahora angu-72 lihanjisiwe. Uma ukholwa ukuthi ibandla lakho selilinde isikhathi esingaphezu kwamahora angu-72 ukuzwa kithi, sicela uthinte Ithimba lethu Lokusekela!

Yini engingayenza ngesikhathi ngisalinde ukuqinisekiswa?

Cishe yonke into! Enza ngendlela ofisa ngayo ikhasi Lephrofayela Lebandla lakho, engeza Izikhathi Zesevisi, mema abantu ukuthi bajoyine njengabalawuli, futhi ulungiselele yonke into ukuthi ihambe. Angeke'ube nokufinyelela okugcwele kwemininingwane uze ushicilelwe futhi okungenani abantu abahlanu bachofoze inkinobho ethi "Setha NjengeBandla Lami".

Ngesikhathi usalinde ukuthi iphrofayela yeBandla lakho iqinisekiswe, ungase uthande ukufunda ukuthi Uyethula kanjani i-YouVersion kanye nephrofayela yeBandla Ebandleni Lakho.
Lapho uhamba ngenqubo yokuqinisekisa, uzothola ukufinyelela ekushicileleni Iphrofayela Yebandla lakho Kuhlelo Lokusebenza uma ukuhi uyahlangabezana nemibandela. Buka leyo mibandela lapha.

How did we do?


Powered by HelpDocs (opens in a new tab)

Powered by HelpDocs (opens in a new tab)