Ukwenza I-Akhawunti

Updated by Geoff Hensley

Ngaphambi kokushicilela iProfayela yeBandla ku-YouVersion, amabandla kumele aqale adlule kunqubo yokuqinisekisa. I-YouVersion yamaBandla yenzelwe amabandla kanye nezinkonzo ezingenzi nzuzo.

Sinco,a ukuthi uxhumane nabanye abaholi' ebandleni lakho ngaphambi kokubhalisa, ukuze uqinisekise ukuthi akekho omunye oxhumene nebandla lakho odale i-akhawunti. Ama-akhawunti ayimpinda azophulwa & kungase kuthathe isikhathi eside ukuqinisekiswa.

Yenza Iprofayela' yeBandla Lakho

  1. Finyelela kwikhasi lokubhalisa.
  2. Ngena ngemvume nge-akhawunti yakho ejwayelekile ye-YouVersion noma yenza entsha. Funda kabanzi mayelana nezinqubo ezihamba phambili nge-akhawunti yakho lapha.
  3. Sebenzisa isici sepensela esisekhoneni phezulu kwesokudla kwesikrini ukuze ufake/noma ubuyekeze' imininingwane yebandla lakho.
  4. Layisha isithombe selogo' yebandla lakho usebenzisa isixhumanisi esivela kukhumpuyutha yakho.
  5. Faka iwebhusayithi' yebandla lakho.
  6. Ekugcineni, hlela ulimi olukhethayo.
Emva kokuba usubhalisile, kuzothatha isikhathi esingaba amahora angu 72 ukuba ithimba lethu liqinisekise i-akhawunti yakho. Ngeke ukwazi ukushicilela kuhlelo lokusebenza lwe-YouVersion kuze kube yilapho i-akhawunti yakho isiqinisekisiwe.


How did we do?


Powered by HelpDocs (opens in a new tab)

Powered by HelpDocs (opens in a new tab)